2 KwabaseKhorinte 1:3-11

2 KwabaseKhorinte 1:3-11 ZUL20

Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, uYise wobubele bonke, uNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduzayo osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, noma ngabe lunjani, ngenduduzo esiduduzwe ngayo nathi nguNkulunkulu. Njengokuba izinhlupheko zikaKhristu ziziningi kithi, kanjalo nokududuzeka kwethu kuyaphuphuma ngoKhristu. Kepha noma sikhathazwa manje, kungenxa yokududuzwa nokusindiswa kwenu; uma siduduzwa, kungenxa yokududuzwa kwenu okuveza ukubekezela ezinhluphekweni ezifanayo nalezi esihlupheka ngazo nathi. Ithemba lethu ngani liqinile, sazi ukuthi njengabahlanganyela ezinhluphekweni, kanjalo ningabahlanganyeli nasenduduzweni. Bazalwane, asithandi ukuba ningazi ngosizi lwethu olwasehlela e-Asiya, ukuthi sabhekana nobunzima obungaphezu kwamandla ethu, saze salahlekelwa nayithemba lokuphila. Thina ngokwethu sazibonela ukufa, ukuze singazethembi thina, kodwa sethembele kuNkulunkulu ovusa abafileyo. Nguye owasihlenga ekufeni okungaka, futhi oyakusiphephisa; sethembele kuye ukuthi uyakusihlenga. Njengalokhu nani nisizana nathi ngokusinxusela, ukuze babe baningi ababongayo ngenxa yethu ngesipho esisinikiweyo ngokucela kwabaningi.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo