2 IZikhronike 33

33
UManase Uyinkosi KwaJuda
1 UManase wayeneminyaka eli-12 ngesikhathi eba yinkosi, wabusa iminyaka engama-55 eJerusalema. 2 Wenza okubi phambi kukaSimakade njengokwezinengiso zabezizwe, uSimakade ayebaxoshile phambi kwabantu bakwa-Israyeli. 3 Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uyise uHezekiya ayezidilizile, wamisela uBhali ama-althare, wenza o-Ashera, wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza. 4 Wakha ama-althare endlini kaSimakade, uSimakade ayekhulumile ngayo, wathi: “Igama lami liyakuba khona eJerusalema kuze kube phakade.”
5 Emagcekeni omabili endlu kaSimakade, wakhela lonke ibandla lasezulwini ama-althare. 6 Wawadabulisa amadodana akhe emlilweni esigodini sendodana kaHinomu, wahlola imihlola, wenza imilingo, wenza amalumbo wabuye wavumela abanamadlozi nabathakathi, wenza nokunye okubi okuningi phambi kukaSimakade, waze wachukuluza ulaka lukaSimakade.
7 Wabeka umfanekiso wesithombe esibaziweyo ayewenzile endlini kaNkulunkulu, uNkulunkulu ayethe ngayo kuDavide nakuSolomoni, indodana yakhe: “Kule ndlu naseJerusalema engilikhethe phakathi kwezizwe zonke zakwa-Israyeli, ngiyakubeka iGama lami kuze kube phakade. 8 Futhi angiyukulususa unyawo luka-Israyeli, angiyukulususa ezweni engalimisela okhokho benu, uma nje beyakukugcina benze konke engibayale ngakho, wonke umthetho, izimiso, izehlulelo engabanika khona ngomlomo kaMose.”
9UManase wamdukisa uJuda nezakhamuzi zaseJerusalema, benza okubi kunabezizwe uSimakade ababhubhisa phambi kwabantu bakwa-Israyeli.
Ukunxusa Nokuzithoba KukaManase
10 USimakade wakhuluma kuManase nakubantu bakhe, kodwa kabalalelanga. 11 USimakade wabehlisela abakhuzi bempi yenkosi yase-Asiriya. Zambamba uManase, zambopha ngamaketango nangozankosi, zamyisa eBhabhele. 12 Esekuhluphekeni, wanxusa uSimakade uNkulunkulu wakhe, wazithoba kakhulu phambi kukaNkulunkulu wokhokho bakhe. 13 Wakhuleka kuye, wamncenga; wakuzwa ukunxusa kwakhe, wambuyisela futhi eJerusalema embusweni wakhe. UManase wayesazi ukuthi uSimakade nguye onguNkulunkulu.
14 Emveni kwalokho wakha ugange olwalungaphandle komuzi kaDavide entshonalanga yeGihoni, esigodini kwaze kwaba sekungeneni esangweni Lezinhlanzi. I-Ofeli walibiyela waliphakamisa kakhulu, wabeka izinduna zempi ezinamandla kuyo yonke imizi yakwaJuda ebiyelweyo.
15 Wasusa onkulunkulu babezizwe nesithombe endlini kaSimakade. Wabhidliza wonke ama-althare ayewakhe entabeni yendlu kaSimakade naseJerusalema, wakulahla konke ngaphandle komuzi. 16Wakha i-althare likaSimakade, phezu kwalo wanikela ngemihlatshelo yeminikelo yokuthula neyokubonga, wayesetshela uJuda ukuba amkhonze uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli. 17 Nokho abantu babesahlaba, benza imihlatshelo ezindaweni eziphakemeyo, kodwa base beyenzela uSimakade uNkulunkulu wabo kuphela.
Ukukhothama KukaManase
18 Ezinye izindaba zikaManase, nomkhuleko wakhe kuNkulunkulu wakhe, namazwi ababoni ababewakhuluma kuye egameni likaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli; bheka, kulotshiwe ezindabeni zamakhosi akwa-Israyeli. 19 Umkhuleko wakhe nokunxusa kwakhe uNkulunkulu, zonke izono zakhe, konke ukungethembeki kwakhe nezindawo eziphakemeyo azakha, wamisa o-Ashera nezithombe ezibaziweyo, ngesikhathi engakazithobi; bheka, konke lokho kulotshwe ezindabeni zikaHozayi. 20UManase wayeselaliswa kokhokho bakhe, bammbela endlini yakhe. U-Amoni, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundeni sakhe.
U-Amoni Uyinkosi KwaJuda
21 U-Amoni wayeneminyaka engama-22 ngesikhathi eba yinkosi, wabusa iminyaka emibili eJerusalema. 22 Wenza okubi phambi kukaSimakade, njengalokhu uyise uManase ayenzile. U-Amoni wahlabela zonke izithombe ezibaziweyo ayezenzile uManase, uyise, wazikhonza. 23 Akazithobanga phambi kukaSimakade njengoba kwazithoba uManase, uyise, kodwa yena u-Amoni wenza okubi okuningi.
24 Izinceku zakhe zamakhela uzungu, zambulala endlini yakhe. 25Abantu bezwe nokho bababulala bonke labo ababenzele inkosi ugobe, base beyingcwaba inkosi abantu bezwe. Abantu bezwe bamenza uJosiya, indodana yakhe, inkosi esikhundleni sakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

2 IZikhronike 33: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume