UJehoshafathi wema ebandleni lakwaJuda nelaseJerusalema endlini kaSimakade, phambi kwegceke elisha, wathi: “Simakade, Nkulunkulu wokhokho bethu, kanti Wena awusiye yini uNkulunkulu ezulwini, nombusi wemibuso yonke yezizwe na? Esandleni sakho kukhona amandla negunya, akekho ongamelana nawe. Wena Nkulunkulu wethu awuxoshanga yini phambi kwabantu bakho, u-Israyeli, ababakhe kuleli lizwe, walinika abozalo luka-Abhrahama, umngani wakho, kuze kube phakade na? Bahlala kulo, bakwakhela kulo indlu engcwele ukuba ibe ngeyegama lakho, bethi: ‘Uma sehlelwa ngokubi, inkemba, ukwehlulelwa, ubhubhane, nendlala, siyakuma phambi kwale ndlu naphambi kwakho, ngokuba igama lakho likule ndlu; sikhale kuwe ekuhluphekeni kwethu, Wena uyakusizwa usisindise.’
“Ngakho-ke ake ubheke, abakwa-Amoni, abakwaMowabi nabasentabeni iSeyiri, ongamvumelanga u-Israyeli ukuba ababhubhise ngesikhathi ephuma eGibhithe, kunalokho wabachezukela, akaze ababhubhisa. Bheka-ke ukuthi basivuza kanjani, bezile ukuzosixosha efeni lakho owasinika lona ukuba silidle. Nkulunkulu wethu, awuyukubehlulela yini na? Ngokuba thina asinawo amandla okubhekana nalesi sixuku esikhulu kangaka esizayo. Futhi asazi ukuthi sizokwenzenjani, kodwa amehlo ethu abheke kuwe.”