UJuda wonke wayemi phambi kukaSimakade kanye nezingane zabo, omkabo nabantwana babo. UMoya kaSimakade wafika kuJahaziyeli kaZakhariya kaBhenaya kaJehiyeli kaMathaniya, umLevi, omunye wozalo luka-Asafa, ephakathi kwebandla, wathi: “Yizwani nina nonke bakwaJuda, zakhamuzi zaseJerusalema, nawe nkosi Jehoshafathi: usho kanje kini uSimakade, uthi: ‘Ningesabi, ningapheli amandla ngenxa yalesi sixuku esikhulu, ngokuba impi ayisiyo eyenu, ingekaNkulunkulu. Kusasa yehlelani kubo; bayobe bekhuphuka ngommango waseZizi; niyakubafumana ekugcineni kwesigodi, phambi kwehlane eJeruweli. Akusikho okwenu ukulwa kule mpi; zihleleni, nime, nibone ukunqoba kukaSimakade, nina Juda neJerusalema; ningesabi, ningapheli amandla; phumelani kubo kusasa, ngokuba uSimakade uzakuba nani.’ ”
Funda 2 IZikhronike 20
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 IZikhronike 20:13-17
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo