2 IZikhronike 17:7-19

2 IZikhronike 17:7-19 ZUL20

Ngonyaka wesithathu wokubusa kwakhe, wathumela izikhulu zakhe uBheni Hayili, u-Obhadiya, uZakhariya, uNethaneli noMikhaya ukuba ziyofundisa emizini yakwaJuda, zinabaLevi: uShemaya, uNethaniya, uZebadiya, u-Asaheli, uShemiramothi, uJehonathani, u-Adoniya, uThobiya noThobi Adoniya. Ababenalaba baLevi kwakungo-Elishama noJehoramu, abaphristi. Bafundisa kwaJuda bephethe incwadi yomthetho kaSimakade, bajikeleza kuyo yonke imizi yakwaJuda, befundisa abantu. Yonke imibuso yamazwe azungeze elakwaJuda jikelele yehlelwa yingebhe ngoSimakade, ayizange ilwe noJehoshafathi. Abanye bamaFilisti baletha izipho kuJehoshafathi, nesiliva elaliyintela. Nabase-Arabhiya baletha kuye imihlambi, izinqama eziyizi-7 700, nezimpongo eziyizi-7 700. UJehoshafathi waya ngokuya edlondlobala; wakha izinqaba nemizi eyizinqolobane kwaJuda. Wayenokuningi emizini yakwaJuda, amadoda empi, namaqhawe anamandla, eJerusalema. Babemi kanje ngokwezindlu zoyise: kwaJuda, abakhuzi bempi bezinkulungwane: u-Adina umkhuzi wempi, enamaqhawe anamandla ayizi-300 000. Emva kwakhe kunguJehohanani umkhuzi wempi, enezi-280 000. Wayelandelwa ngu-Amasiya, indodana kaZikhiri, owazinikela ngenhliziyo epheleleyo kuSimakade, enamaqhawe anamandla ayizi-200 000. KwaBhenjamini, kungu-Eliyada, iqhawe elinamandla, enabahlome ngeminsalo nangezihlangu abayizi-200 000. Emva kwakhe kunguJehozabhadi, enamabutho ahlomele ukulwa ayizi-180 000. Yilaba-ke ababekhonza inkosi, ngaphandle kwalabo inkosi eyayibabeke emizini ebiyelweyo eyayikulo lonke elakwaJuda.