2 IZikhronike 13

13
U-Abhiya Uyinkosi KwaJuda
1 Kwathi ngonyaka we-18 wokubusa kukaJerobhowamu, u-Abhiya waba yinkosi kwaJuda. 2 Wabusa eJerusalema iminyaka emithathu. Igama likanina kwakunguMikhaya, indodakazi ka-Uriyeli waseGibheya. Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Abhiya noJerobhowamu.
U-Abhiya Ulwa NoJerobhowamu
3U-Abhiya waphuma ukuyokulwa enempi yamaqhawe anamandla empini, amadoda akhethiweyo ayizi-400 000. UJerobhowamu yena wehla ukuyokulwa naye, enamadoda akhethiweyo ayizi-800 000, angamaqhawe anamandla.
4 U-Abhiya wema entabeni iZemarayimi ekwelezintaba kwa-Efrayimi, wathi: “Ake ungilalele Jerobhowamu no-Israyeli wonkana. 5 Anazi yini ukuthi uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli wanika uDavide namadodana akhe umbuso kwa-Israyeli, kuze kube phakade, ngesivumelwano sikaSawoti na? 6 Kepha kwasuka uJerobhowamu, indodana kaNebhathi, inceku kaSolomoni, indodana kaDavide, wavukela inkosi yakhe, wayihlubuka. 7 Kwabuthana kuye wonke amayiyane, nabantu abakhohlakele baba namandla kunoRehobhowamu, indodana kaSolomoni. URehobhowamu wayesemusha, engakaqini ukhakhayi, akakwazanga ukumelana nabo.
8 “Manje nicabanga ukuthi nizokwazi ukumelana nobukhosi bukaSimakade obusesandleni samadodana kaDavide, wena nalesi sixuku esikhulu kangaka, futhi kunamathole egolide enenzelwa wona nguJerobhowamu ukuba abe ngonkulunkulu benu. 9 Anixoshanga yini abaphristi bakaSimakade, amadodana ka-Aroni nabaLevi, nazimisela abaphristi njengabantu bezizwe na? Noma ngubani ofika efuna ukwehlukaniselwa leyo nkonzo, ephethe iduna nezinqama eziyisikhombisa, uba ngumphristi walokho okungesibo onkulunkulu.
10“Kepha thina, uSimakade unguNkulunkulu wethu, asimfulathelanga, sinabaphristi abamkhonzayo uSimakade emisebenzini yabo, abozalo luka-Aroni nolukaLevi. 11 Njalo ekuseni nakusihlwa bashisela uSimakade iminikelo yokushiswa nempepho enephunga elimnandi, bahlela isinkwa sokubukwa etafuleni elihlanzekileyo, bokhele uthi lwezibani lwegolide nezibani zalo njalo kusihlwa, ngokuba thina sisawugcina umyalo kaSimakade uNkulunkulu wethu, kodwa nina nimshiyile. 12 Bhekani, uNkulunkulu unathi, uyasihola, nabaphristi bakhe baphethe amacilongo empi ukuze bahlabe umkhosi ngenxa yenu. Bantu bakwa-Israyeli, ningalwi noSimakade uNkulunkulu wokhokho benu, ngokuba aniyukuphumelela.”
13 UJerobhowamu wayebalalele unyendle wabazungeza, ukuze aqhamuke ngemuva nangaphambili kukaJuda. 14 Lapho abakwaJuda bebheka emuva; bheka, kwakukhona amabutho phambi kwabo nasemuva kwabo. Bakhala kuSimakade, abaphristi bashaya amacilongo. 15 Abantu bakwaJuda base benza isaho, bekhuza iziqubulo zempi, kwathi lapho abakwaJuda bekhamuluka, uNkulunkulu washaya uJerobhowamu no-Israyeli wonke phambi kuka-Abhiya noJuda. 16 Abakwa-Israyeli babaleka phambi kwabaJuda; uNkulunkulu wabanikela esandleni sabo. 17U-Abhiya namabutho akhe bababhubhisa, bebulala abakhulu nabancane kwa-Israyeli. Kwafa amabutho akhethiweyo ayizi-500 000. 18 Abakwa-Israyeli bathotshiswa ngaleso sikhathi, kodwa abakwaJuda banqoba, ngokuba babencike kuSimakade uNkulunkulu wokhokho babo.
19U-Abhiya wamhubha uJerobhowamu, wadla imizi elandelayo: iBhethele nemizana yalo, iJeshana nemizana yalo, ne-Efroni nemizana yalo. 20 UJerobhowamu akaphindanga waba namandla emihleni ka-Abhiya. USimakade wamshaya wafa.
21U-Abhiya waziqinisa waba namandla, wathatha abafazi abali-14, wazala amadodana angama-22 namadodakazi ali-16.
22 Ezinye izindaba zika-Abhiya, izindlela zakhe, namazwi akhe, kulotshiwe esichasiselweni somphrofethi u-Ido.

Okuqokiwe okwamanje:

2 IZikhronike 13: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume