1 KuThimothewu 6:6-12

1 KuThimothewu 6:6-12 ZUL20

Yebo, ukumesaba uNkulunkulu nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu, ngokuba asilethanga lutho emhlabeni, kusobala futhi ukuthi asiyukumuka nalutho. Kepha masaneliswe uma sinokudla nokokwembatha. Kodwa labo abathanda ukuceba, bawela esilingweni, ogibeni, nasezinkanukweni zobuwula eziningi ezilimazayo, ezikhalakathisela abantu ekufeni nasekubhujisweni, ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yabo bonke ububi. Abanye ngokuyifisa kwabo bahlubuka ekukholweni, bazigwaza ngeminjunju eminingi. Wena muntu kaNkulunkulu, baleka kulezo zinto, kodwa phokophelela ukulunga, ukwesaba uNkulunkulu, ukukholwa, uthando, ukubekezela nobumnene. Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wakuvuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 KuThimothewu 6:6-12