1 KuThimothewu 6:6-10

1 KuThimothewu 6:6-10 ZUL20

Yebo, ukumesaba uNkulunkulu nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu, ngokuba asilethanga lutho emhlabeni, kusobala futhi ukuthi asiyukumuka nalutho. Kepha masaneliswe uma sinokudla nokokwembatha. Kodwa labo abathanda ukuceba, bawela esilingweni, ogibeni, nasezinkanukweni zobuwula eziningi ezilimazayo, ezikhalakathisela abantu ekufeni nasekubhujisweni, ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yabo bonke ububi. Abanye ngokuyifisa kwabo bahlubuka ekukholweni, bazigwaza ngeminjunju eminingi.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 KuThimothewu 6:6-10

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo