1 KuThimothewu 5

5
Iziluleko ZikaPawula
1 Ungayikhaci indoda endala, kodwa yiyale njengoyihlo, abesilisa abasebasha njengabafowenu, 2abesifazane asebekhulile ubayale njengonyoko, nalabo abasebasha njengodadewenu, ngenhlanzeko yonke.
Ngabafelokazi
3Hlonipha abafelokazi, abangabafelokazi ngempela. 4 Kepha uma umfelokazi enabantwana noma abazukulu, labo-ke mabafunde kuqala ukuhlonipha indlu yakwabo, benze okufaneleyo kubazali babo bekhombisa ukubonga, ngokuba lokho kwamukelekile phambi kukaNkulunkulu. 5 Lowo ongumfelokazi ngempela, ongenabani, uthembele kuNkulunkulu, uhlala enxusa, ekhuleka ubusuku nemini. 6 Kepha lowo ozinikela ekutamaseni, ufile esaphila. 7 Bayale ngalezo zinto, ukuze bangabi nakusoleka. 8 Kodwa uma umuntu engabondli abakubo, ikakhulu abomndeni wakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi ukwedlula nongakholwa.
9 Umfelokazi obegane indoda eyodwa makangafakwa esibalweni uma engakabi neminyaka engama-60. 10 Kufanele ukuba aziwe ngemisebenzi emihle, njengalowo okhulise kahle abantwana, obe nokuphana ezihambini, ogeze izinyawo zabangcwele, osize abahluphekayo, futhi ozinikele ekwenzeni yonke imisebenzi emihle.
11 Kepha abafelokazi abasebasha ungabafaki ohlwini, ngokuba uma sebeshiswa yinkanuko bayamdela uKhristu, bafune ukugana, 12 ngakho-ke bathole icala, ngokuba besaphulile isithembiso sabo sokuqala. 13 Phezu kwalokho, bafunda ukuvilapha, baphuma bengena izindlu ngezindlu; abagcini nje ngokuvilapha, kodwa bayahleba, bazigaxe kokungesikho okwabo, bakhulume okungafanele. 14 Ngakho-ke ngiyabayala abafelokazi abasebasha ukuba bagane, bazale izingane, banakekele indlu yabo, ukuze bangasiniki isitha ithuba lokuthuka. 15 Ngokuba vele kumanje, bakhona abanye asebechezukele kuSathane.
16Uma owesifazane okholwayo enezihlobo ezingabafelokazi ngempela, makazisize; ibandla lingasindwa, ukuze lisize abafelokazi boqobo.
Ngamalunga Ebandla
17 Amalunga aphathe kahle, afanele ukuba atuswe ngokuphindwe kabili, ikakhulu lawo akhuthalela ukushumayela nokufundisa. 18 Ngokuba umbhalo, uthi: “Ungayifaki isimfonyo inkabi ebhulayo,” futhi uthi: “Isisebenzi sifanelwe wumholo waso.”
Izeluleko Ngokuthetha Amacala
19 Ungalemukeli icala elethweswe ilunga kungekho ofakazi ababili noma abathathu. 20 Labo abonayo ubasole phambi kwabo bonke, ukuze nabanye besabe.
21 Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKhristu uJesu nezingelosi ezikhethiweyo, ukuba ulondoloze lezi zinto, ungabandlululi, futhi ungenzi lutho ngokukhetha.
22 Ungaxhamazeli ubeke izandla kunoma ngubani, futhi ungahlanganyeli ezonweni zabanye, kodwa uhlale umsulwa.
23 Ungaphuzi amanzi wodwa, kodwa phuza kancane newayini ngenxa yesisu sakho nobuthakathaka obukuvamileyo.
24 Izono zabanye abantu zisobala, ziyabandulela, zibaholele ekwehlulelweni, kodwa abanye ziyabalandela. 25 Kanjalo nemisebenzi emihle isobala, noma ingabonakali kodwa ingefihleke.

Okuqokiwe okwamanje:

1 KuThimothewu 5: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume