1 KwabaseThesalonikha 1:1-10

1 KwabaseThesalonikha 1:1-10 ZUL20

UPawula, uSilvanu, noThimothewu kulo ibandla laseThesalonikha elikuNkulunkulu uBaba, naseNkosini uJesu Khristu: makube kini umusa nokuthula. Simbonga njalo uNkulunkulu ngani nonke, sinikhulekela singaphezi emikhulekweni yethu, sikhumbula umsebenzi wenu wokukholwa, umshikashika wothando, nethemba lenu eliqinileyo eNkosini yethu uJesu Khristu phambi kukaNkulunkulu uBaba wethu. Siyazi ukukhethwa kwenu nguNkulunkulu, bazalwane abathandiweyo, ngokuba ivangeli lethu alifikanga ngamazwi nje kuphela, kodwa ngamandla, nangoMoya oNgcwele, nangokwethemba okukhulu, njengokuba nazi ukuthi saba ngabantu abanjani phakathi kwenu, ngenxa yenu. Nani naba ngabalingisa thina neNkosi, ngokuba nanxa nahlushwa kanzima, kodwa nalemukela izwi ngenjabulo evela kuMoya oNgcwele, ngangoba naba yisibonelo kubo bonke abakholwayo abaseMakhedoniya nase-Akhaya. Ngokuba izwi leNkosi lizwakele livela kini, hhayi nje kuphela eMakhedoniya nase-Akhaya, kodwa ezindaweni zonke lapho bezwe khona ngokukholwa kwenu kuNkulunkulu, ngakho-ke akusadingeki ukuba sikhulume ngakho. Ngokuba bona luqobo babika ngathi ukuthi nasemukela kanjani, nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu nashiya izithombe, ukuze nikhonze uNkulunkulu ophilayo noweqiniso; nilindele iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, enguJesu, osihlengayo olakeni oluzayo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 KwabaseThesalonikha 1:1-10