1 USamuweli 28

28
UDavide No-Akhishi Baphaka Impi KumaFilisti
1 Kwathi ngalezo zinsuku amaFilisti aqoqa amabutho awo ukuba aphume ayokulwa no-Israyeli. U-Akhishi wathi kuDavide: “Yazi ngokweqiniso ukuthi uzophuma impi nami, wena nabantu bakho.”
2 UDavide wathi ku-Akhishi: “Kunjalo, yikhona uyokwazi ukuthi inceku yakho iyakwenzani.”
U-Akhishi wathi kuDavide: “Ngakho-ke ngizokubeka ube ngumqaphi njalo.”
USawule Uyobhula Kowesifazane Onedlozi
3 USamuweli wafa; wonke u-Israyeli wamkhalela, wamngcwaba emzini wakhe, eRama. USawule wayebaxoshile ezweni bonke abantu abanamadlozi nabathakathi phakathi kwesizwe.
4 AmaFilisti abuthana, eza, akanisa eShunemi, noSawule waqoqa wonke u-Israyeli, wakanisa eGilibhowa. 5USawule ebona impi yamaFilisti, wesaba, inhliziyo yakhe yathuthumela kakhulu. 6 USawule wabuza kuSimakade, kodwa uSimakade akamphendulanga ngamaphupho, nge-Urimi noma nangabaphrofethi. 7 Wayesethi uSawule ezincekwini zakhe: “Ngifuneleni owesifazane onedlozi ukuze ngiye kuye, ngiyobuza.”
Izinceku zakhe zathi kuye: “Bheka, kukhona owesifazane onedlozi e-Eni Dori.”
8 USawule wazifihla, wembatha ezinye izingubo, wahamba nabantu bakhe ababili, bafika kowesifazane ebusuku, wathi: “Ake ungibhulele ngedlozi, ungenyusele lowo engiyakumusho kuwe.”
9 Owesifazane wathi: “Uyabona-ke, wazi kahle ukuthi uSawule wenzeni, ubabhubhisile ezweni abanamadlozi nabathakathi; manje kungani ungibekela ugibe ukuze ungibulale na?”
10USawule wafunga wagomela kowesifazane, wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, awuyukwethweswa cala ngalokho.”
11Wayesebuza owesifazane, ethi: “Ufuna ngikwenyusele bani na?”
Wathi: “Ngenyusele uSamuweli.”
12Lapho owesifazane embona uSamuweli, wamemeza ngezwi elikhulu; owesifazane wakhuluma noSawule, wathi: “Ungikhohliseleni na? Ngokuba unguSawule.”
13Inkosi yayisithi kuye: “Ungesabi; ubonani na?”
Owesifazane wathi kuSawule: “Ngibona unkulunkulu ephuma emhlabathini.”
14 Wathi kuye: “Unesimo esinjani, na?”
Wathi: “Kukhuphuka ixhegu limbozwe ngengubo.”
USawule wazi ukuthi nguSamuweli, wakhothama wathi mbo ngobuso emhlabathini.
15 USamuweli wathi kuSawule: “Ungiphazamiselani ngokuthi ungenyuse na?”
USawule waphendula wathi: “Ngihlupheke kakhulu, ngoba amaFilisti alwa nami; uNkulunkulu ungishiyile, akasangiphenduli ngabaphrofethi noma ngamaphupho, yingakho ngikubizile ukuze ungazise ukuthi kumele ngenzenjani.”
16USamuweli wathi: “Pho ubuzelani kimi, njengoba uSimakade esekuphendukele, waba yisitha sakho na? 17 USimakade ukwenzile lokho, njengoba akhuluma ngami: uSimakade uwususile umbuso kuwe, wawunika umakhelwane wakho, uDavide. 18 Ngokuba awulalelanga izwi likaSimakade, awuthululelanga ulaka lwakhe oluvuthayo phezu kwama-Amaleki, yingakho-ke uSimakade enze lokhu kuwe namuhla. 19 USimakade uzonikela u-Israyeli nawe esandleni samaFilisti. Kusasa wena namadodana akho, nizokuba nami; uSimakade uzokunikela nempi yabakwa-Israyeli esandleni samaFilisti.”
20Ngokuphazima kweso, uSawule wayesewa walala cu emhlabathini, wesaba kakhulu ngenxa yamazwi ayeshiwo nguSamuweli. Akabanga namandla, ngoba wayengakaze akuthi mbibi ukudla lonke lolo lusuku nobusuku bonke.
21 Owesifazane waya kuSawule, wambona ukuthi wesaba kakhulu, wayesethi kuye: “Bheka, incekukazi yakho ililalele izwi lakho, ngibekile impilo yami engcupheni; ngawalalela amazwi akho owakhulume kimi. 22Manje-ke ake ulalele izwi lencekukazi yakho; mangibeke ucezu lwesinkwa phambi kwakho; yidla ukuze uthole amandla bese uqhubeka nendlela yakho.”
23 Kepha uSawule wenqaba wathi: “Angiyukudla.”
Nokho izinceku zakhe nowesifazane bamnxenxa, wayeselalela izwi labo. Wasukuma emhlabathini, wahlala embhedeni.
24 Owesifazane wayenethole elikhuluphalisiweyo endlini yakhe, washesha walihlaba; wathatha impuphu wayixova, wenza isinkwa esingenamvubelo, 25wakuletha phambi kukaSawule naphambi kwezinceku zakhe, badla. Base besuka bengena indlela ngalobo busuku.

Okuqokiwe okwamanje:

1 USamuweli 28: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume