1 USamuweli 25:23-44

1 USamuweli 25:23-44 ZUL20

Lapho u-Abhigayili embona uDavide, washesha wehla embongolweni yakhe, wakhothama wathi mbo ngobuso phambi kukaDavide. Wayewele ngasezinyaweni zikaDavide, wayesethi: “Sale usulethwesa mina lelo cala nkosi yami, ngicela uyivumele incekukazi yakho ikhulume nawe, uyilalele ukuthi ithini incekukazi yakho. Inkosi yami mayingabeki inhliziyo yayo kulo muntu okhohlakele, uNabali, ufuze igama lakhe, unjalo nje yena; nguNabali igama lakhe, uyisiwula. Kepha mina ncekukazi yakho angizibonanga izinsizwa zenkosi yami eyayizithumile. “Nkosi yami, ngiyafunga ngoSimakade, nangempilo yakho uqobo, njengoba uSimakade ekuvimbele ukuba ube necala legazi nokuba uziphindiselele ngesandla sakho; mazibe njengoNabali izitha zakho nalabo abafuna ukubulala inkosi yami. Manje-ke lesi sipho esilethwa yincekukazi yakho enkosini yami, masinikwe izinsizwa ezilandela inkosi yami. Thethelela, ngiyakucela, icala lencekukazi yakho, ngokuba uSimakade uyakuyenzela nokuyenzela inkosi yami indlu eqinileyo impela, lokhu inkosi yami ilwa izimpi zikaSimakade; ububi abuyukufunyanwa kuwe zonke izinsuku zakho. Noma kusukuma umuntu ukuba akuxoshe efuna impilo yakho, umphefumulo wenkosi yami uyobe uboshiwe emshuqulwini wabaphilayo kuSimakade uNkulunkulu wakho. Imiphefumulo yezitha zakho uyakuyijikijela kungathi iphakathi kwendwayimana. Kuyothi lapho uSimakade esekwenzile konke okuhle enkosini yami njengoba ekhulumile ngawe, akumise ube ngumbusi kwa-Israyeli. Lokhu akuyukuba yisikhubekiso kuwe, kungabi nesazela enhliziyweni yenkosi yami ukuthi uchithe igazi ngeze nokuthi inkosi yami iziphindiselele. Kuyothi lapho uSimakade eseyenzele inkosi yami okuhle, iyikhumbule incekukazi yakho.” UDavide wayesethi ku-Abhigayili: “Makadunyiswe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli okuthume namuhla ukuba ungihlangabeze. Makubusiswe ukuhlakanipha kwakho, ubusiswe nawe ongivimbele namuhla ukungena ecaleni legazi nokuziphindiselela ngesandla sami. Impela ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ongivimbile ukuba ngingakulimazi, uma bewungazange usheshe uze ukuzongihlangabeza, impela ngabe akusalanga nakunye okukaNabali okwesilisa okungokwakhe, ekuseni kusasa.” UDavide wemukela esandleni sika-Abhigayili lokho ayemlethele khona; wayesethi kuye: “Buyela endlini, uphephile, ngikuzwile okushoyo, ngiyasemukela isicelo sakho.” U-Abhigayili wabuyela kuNabali; wafica enesiphihli sedili endlini yakhe, kungathi yidili lenkosi. Inhliziyo kaNabali yayithakasile ithe cosololo, ephuze kakhulu. U-Abhigayili akamtshelanga lutho oluncane nolukhulu kwaze kwaba sekuseni. Ekuseni, selidamukile iwayini kuNabali, umkakhe wamtshela ngalezo zinto, inhliziyo yakhe yaphelelwa ngamandla, waba njengetshe. Kwathi emveni kwezinsuku ezilishumi uSimakade wamshaya uNabali, wafa. UDavide wezwa ukuthi uNabali ufile, wathi: “Makadunyiswe uSimakade omele indaba yehlazo lami lapho uNabali engihlazisa, ovimbele inceku yakhe ebubini, wabuyisela ububi bukaNabali kuye.” UDavide wathumela wakhuluma no-Abhigayili ukuba amthathe abe ngumkakhe. Izinceku zikaDavide sezifikile ku-Abhigayili eKharmeli, zakhuluma naye, zathi: “UDavide usithume kuwe ukuba akuthathe, ube ngumkakhe.” Wasukuma, wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi, wathi: “Bheka, incekukazi yakho mayibe yisigqila esigeza izinyawo zezinceku zenkosi yami.” U-Abhigayili washesha wasuka, wagibela embongolweni kanye nezintombi zakhe eziyisihlanu ezazihamba naye; walandela izithunywa zikaDavide, waba ngumkakhe. UDavide wathatha no-Ahinohama waseJizreyeli; baba ngomkakhe bobabili. USawule wayesemganisile uMikhali indodakazi yakhe, wamganisela uPhalithi, indodana kaLayishi, waseGalimi.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 USamuweli 25:23-44