Abantu bakaDavide bathi kuye: “Bheka, nantu usuku uSimakade akhuluma ngalo kuwe, ethi: ‘Uyabona-ke, ngiyakunikela isitha sakho esandleni sakho, wenze okubona kukuhle kuwe.’ ”
Wayesesuka uDavide, wasika ngasese umphetho wengubo kaSawule.
Emveni kwalokho uDavide wazisola enhliziyweni yakhe, ngoba wayesike umphetho wengubo kaSawule. Wayesethi kubantu bakhe: “Akufanele neze, Simakade ukuba ngenze into enjengale enkosini yami, ogcotshiweyo kaSimakade, ngimbulale, ngokuba ungogcotshiweyo kaSimakade.”
UDavide wabathiya abantu bakhe ngalawo mazwi, akaze abavumela ukuba bamvukele uSawule. USawule wasuka emgedeni, waqhubeka nohambo.
UDavide naye wasuka kamuva, waphuma emgedeni, wammemeza uSawule, wathi: “Nkosi yami, nkosi!”
USawule wabheka emuva, uDavide wakhothama wathi mbo ngobuso, wakhuleka. UDavide wayesethi kuSawule: “Uwalaleleleni amazwi abekhulunywa ngabantu abathi: ‘Bheka, uDavide ufuna ukukulimaza’? Uyabona-ke, namuhla uzibonele ngawakho amehlo ukuthi uSimakade ubekunikele esandleni sami emgedeni. Abanye bathe mangikubulale, kepha ngakuhawukela, ngathi: ‘Angisoze ngiyibulale inkosi yami, ngokuba ingogcotshiweyo kaSimakade.’ Futhi-ke baba, awubheke nanku umphetho wengubo yakho esandleni sami ngokuba ngiwusikile, angikubulalanga. Yazi, ubone ukuthi akukho nhloso embi kimi ngawe; angikonanga ngalutho, kodwa nguwe ozingela impilo yami ukuze ungibulale. USimakade makehlulele phakathi kwami nawe; uSimakade angiphindiselele kuwe, kodwa isandla sami asiyukuba phezu kwakho. Kunjengesaga sasendulo esithi: ‘Kwababi kuvela ububi,’ yingakho-ke nje isandla sami singeke sikubulale.
“Inkosi yakwa-Israyeli iphumele ukulandela bani na? Uxosha bani? Ukuhubha inja efileyo, intwakumba eyodwa nje. USimakade makabe ngumehluleli, ehlulele phakathi kwami nawe, abheke, angimele, angikhulule esandleni sakho.”
Kwathi uDavide eseqedile ukukhuluma lawo mazwi kuSawule, uSawule wathi: “Ngabe yizwi lakho leli, ndodana yami, Davide, na?”
USawule wadazuluka, wakhala. Wayesethi kuDavide: “Ulungile kunami, ngokuba wena ungiphindisele ngokuhle, kepha mina ngikuphindisele ngokubi. Namuhla ukuveze obala ukuthi ungenzele okuhle kanjani, ngokuba uSimakade unginikele esandleni sakho, kodwa wena awungibulalanga.