1 USamuweli 22

22
UDavide Ubalekela Emgedeni E-Adulamu NakwaMowabi
1 UDavide wasuka lapho, wabalekela emgedeni e-Adulamu. Abafowabo nabo bonke abendlu kayise bekuzwa lokho, behlela khona, baya kuye. 2 Kwaqoqana bonke abahluphekayo, abanezikweletu, nabo bonke abadabukile enhliziyweni, yena waba yinduna ebaphethe. Babebalelwa cishe ema-400.
3UDavide wasuka lapho, waya eMizpha, kwaMowabi, wathi enkosini yakwaMowabi: “Ngicela ukuba ungikhoselisele ubaba nomama, ngize ngazi ukuthi uNkulunkulu uyakungenzelani.”
4Wabayisa enkosini yakwaMowabi, bahlala nayo zonke izinsuku uDavide esenqabeni.
5 Umphrofethi uGadi wathi kuDavide: “Ungaqhubeki uhlale enqabeni, kodwa hamba uye kwaJuda.”
Wasuka uDavide, wahamba waze wayofika ehlathini eHerethi.
USawule Ubulala U-Ahimelekhi Nabaphristi BaseNobhi
6 USawule wezwa ukuthi uDavide nabantu ayekanye nabo babebonakele. USawule wayeseGibheya, ehleli phansi kwesihlahla somthamariske egqumeni, ephethe umkhonto esandleni, izinceku zakhe zonke zazimi naye. 7 USawule wathi ezincekwini zakhe ezazimile: “Lalelani lapha nina bakwaBhenjamini; indodana kaJese yiyo yini ezoninika nonke amasimu nezivini, inenze nonke nibe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu na? 8 Nina nonke ningenzele ugobe, akwaze kwaba bikho ongiluma indlebe ukuthi indodana yami yenza isivumelwano nendodana kaJese. Akubanga bikho kini ongidabukelayo nongitshelayo ukuthi indodana yami ingivusele inceku yami ukuba ingilalele unyendle njengoba yenza namuhla.”
9 UDowegi wakwa-Edomi owayemi nezinceku zikaSawule waphendula, wathi: “Ngayibona indodana kaJese ifika eNobhi ku-Ahimelekhi, indodana ka-Ahithubi. 10 Wayibuzela kuSimakade, wayinika umphako nenkemba kaGoliyathi, umFilisti.”
11Inkosi yayisithumela ukuba kuyobizwa u-Ahimelekhi, umphristi, indodana ka-Ahithubi, nendlu yonke kayise, abaphristi ababeseNobhi; bonke beza enkosini. 12USawule wathi: “Lalela, wena ndodana ka-Ahithubi.”
Waphendula wathi: “Ngilapha, nkosi yami.”
13 USawule wathi kuye: “Ningenzeleleni ugobe wena nendodana kaJese lapho uyinika isinkwa, nenkemba, wayibuzela kuNkulunkulu ukuba imelane nami, ingilalele unyendle njenganamuhla na?”
14 U-Ahimelekhi wayiphendula inkosi, wathi: “Ngubani kuzo zonke izinceku zakho othembeke njengoDavide, umkhwenyana wenkosi, nenduna yabaqaphi bakho, nodumileyo endlini yakho na? 15 Ngiqale namuhla yini ukumbuzela kuSimakade na? Qha, akunjalo; inkosi mayingabeki cala encekwini yayo, nakuyo yonke indlu kababa, ngokuba inceku yakho ibingazi lutho mpela ngalokhu.”
16Inkosi yayisithi: “Impela uzakufa nokufa wena Ahimelekhi, nayo yonke indlu kayihlo.”
17 Inkosi yathi ezigijimini ezazimi ngakuyo: “Phendukani, nibulale abaphristi bakaSimakade, ngokuba nabo bahlangene noDavide, bathe bazi ukuthi uyabaleka, kodwa abaze bangitshela.”
Kepha izinceku zenkosi azivumanga ukwelula isandla sazo zibulale abaphristi bakaSimakade.
18 Inkosi yathi kuDowegi: “Phenduka nawe, ubabulale abaphristi.”
UDowegi wakwa-Edomi waphenduka, wababulala abaphristi ababalelwa ema-85, ababembethe ingubo yamahlombe, ngalolo lusuku. 19 INobhi, umuzi wabaphristi wawubhubhisa ngenkemba, abesilisa nabesifazane, izingane nabancelayo, izinkabi, izimbongolo nezimvu, wakubhubhisa ngenkemba.
20 Kwaphunyuka indodana eyodwa ka-Ahimelekhi, indodana ka-Ahithubi ogama layo ngu-Abhiyathara, yabaleka, yalandela uDavide. 21U-Abhiyathara wambikela uDavide ukuthi uSawule ubulale abaphristi bakaSimakade. 22 UDavide wathi ku-Abhiyathara: “Ngazi ngalolo lusuku mhla uDowegi wakwa-Edomi elapho ukuthi impela uyakumtshela uSawule; yimi imbangela yokufa kwabo bonke abendlu kayihlo. 23Hlala nami, ungesabi, ngokuba ofuna ukuphila kwami nokwakho uyakufuna, kodwa uzovikeleka lapha kimi.”

Okuqokiwe okwamanje:

1 USamuweli 22: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume