USawule wathi kuDavide: “Bheka, indodakazi yami endala, uMerabi, ngizokuganisela yona, ibe ngumkakho. Wena yiba yiqhawe lami nje kuphela, ulwe izimpi zikaSimakade.”
Ngokuba uSawule wathi: “Makungabi yisandla sami esimenzakalisayo, kodwa makube yisandla samaFilisti.”
UDavide wathi kuSawule: “Ngingubani nje mina, kuyini ukuphila kwami, nomndeni kababa uyini kwa-Israyeli ukuba ngingaba ngumkhwenyana wenkosi, na?”
Kwathi lapho kufika isikhathi sokuthi uMerabi, indodakazi kaSawule, agane uDavide, uSawule uyise, wamganisela u-Adriyeli waseMehola, waba ngumkakhe.
UMikhali, indodakazi kaSawule, wayemthanda uDavide. Abantu bamtshela uSawule, kwaba kuhle lokho kuye wavumelana nakho. Wayesethi uSawule: “Ngiyakumganisela yena abe lugibe kuye, ukuze isandla samaFilisti simenzakalise.”
Ngalokho uSawule wathi kuDavide: “Uyakuba ngumkhwenyana ngokwesibili namuhla.”
USawule wayaleza ezincekwini zakhe, wathi: “Khulumani noDavide ngasese, nithi: ‘Uyabona, inkosi yenamile ngawe, nazo zonke izinceku zayo ziyakuthanda, ngakho-ke yiba ngumkhwenyana wenkosi.’ ”
Izinceku zikaSawule zakhuluma lawo mazwi ezindlebeni zikaDavide. UDavide wathi: “Kuyinto elula yini emehlweni enu ukuba ngumkhwenyana wenkosi, lokhu ngingumuntu ompofu nodelelekileyo na?”
Izinceku zikaSawule zamtshela, zathi: “Ukhulume kanjalo-ke uDavide.”
USawule wathi: “Niyakusho kanje kuDavide, nithi: ‘Inkosi ayifuni lobolo, ifuna kuphela amajwabu ayikhulu amaFilisti ukuba kuphindiselwe ezitheni zenkosi.’ ”
USawule wayecabanga ukuthi uDavide uzobulawa ngamaFilisti.
Izinceku zakhe zambikela uDavide lawo mazwi, kwaba kuhle emehlweni kaDavide ukuba abe ngumkhwenyana wenkosi, kepha izinsuku zazingakapheleli. UDavide nabantu bakhe basuka baya kumaFilisti, babulala angama-200. UDavide waletha amajwabu awo; bawayisa enkosini ephelele ukuba abe ngumkhwenyana wenkosi. USawule wayesemganisela uMikhali, indodakazi yakhe, waba ngumkakhe.
USawule wakubona lokho, wazi ukuthi uSimakade unoDavide. UMikhali, indodakazi kaSawule, wamthanda uDavide. Kwakhula kakhulu kuSawule ukumesaba uDavide. USawule wayeyisitha sikaDavide sonke isikhathi.
Kwakuthi njalo lapho kuhlasela abakhuzi bempi yamaFilisti, uDavide wayehlabana ngokudlulele kunazo zonke izinceku zikaSawule; igama lakhe laduma kakhulu.