1 USamuweli 17:48-50

1 USamuweli 17:48-50 ZUL20

Kwathi lapho esuka umFilisti weza wasondela ukuyohlangabezana noDavide, uDavide washesha wagijimela ngasempini ukuyohlangana nomFilisti. UDavide wafaka isandla sakhe esikhwameni sakhe, wakhipha khona itshe, walidwiza, wamshaya umFilisti ebunzini, itshe lashona ebunzini, wawela phansi ngobuso. UDavide wamehlula umFilisti ngendwayimana nangetshe, wamshaya umFilisti, wambulala, kodwa kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide.