1 uSamuweli 17:48-50
1 uSamuweli 17:48-50 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi lapho esuka umFilisti weza wasondela ukuyohlangabezana noDavide, uDavide washesha wagijimela ngasempini ukuyohlangana nomFilisti. UDavide wafaka isandla sakhe esikhwameni sakhe, wakhipha khona itshe, walidwiza, wamshaya umFilisti ebunzini, itshe lashona ebunzini, wawela phansi ngobuso. UDavide wamehlula umFilisti ngendwayimana nangetshe, wamshaya umFilisti, wambulala, kodwa kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide.
1 uSamuweli 17:48-50 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwathi umFilisti eseqedile ukuhlangana loDavida, uDavida waphangisa wagijimela empini ukumhlangabeza umFilisti. UDavide wafaka isandla sakhe ekhukhwini lakhe, wakhipha itshe khona, walijikijela, wamshaya umFilisti ebunzini, itshe lashona ebunzini lakhe; wawa ngobuso emhlabathini. UDavide wamnqoba umFilisti ngendwayimana nangetshe, wamshaya umFilisti, wambulala; kodwa kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide.

1 uSamuweli 17:48-50 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi lapho esuka umFilisti weza wasondela ukuhlangabezana noDavide, uDavide washesha wagijimela ngasempini ukuhlangana nomFilisti. UDavide wafaka isandla sakhe esikhwameni sakhe, wakhipha khona itshe, waliphonsa, wamshaya umFilisti ebunzini, itshe lashona ebunzini, wawela phansi ngobuso. UDavide wamahlula umFilisti ngendwayimana nangetshe, wamshaya umFilisti, wambulala; kodwa kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide.