Esezwakele amazwi akhulunywe nguDavide, abikwa kuSawule, wayesembiza. UDavide wayesethi kuSawule: “Izinhliziyo zabantu mazingadangaliswa yilowo muntu. Inceku yakho izohamba ilwe nalowo mFilisti.” USawule wathi kuDavide: “Awunawo amandla okuphuma uyolwa nalowo mFilisti, ngokuba wena usengumfana nje; yena uyindoda yempi kusukela ebusheni bakhe.” UDavide wathi kuSawule: “Inceku yakho yayaluse izimvu zikayise lapho kufika ingonyama nebhere kuthatha imvu emhlambini. Ngaphuma ngakulandela, ngakubulala, ngayihlenga imvu emlonyeni wakho. Kuthe lapho kungivukela ngakubamba ngedevu ngakushaya phansi, ngakubulala. Inceku yakho yehlula ingonyama nebhele, nalo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yalokho, ngokuba weyise impi kaNkulunkulu ophilayo.” UDavide wathi: “USimakade owangophula ozisheni lwengonyama nasozisheni lwebhele, uzakungisindisa nasesandleni salo mFilisti.” USawule wathi kuDavide: “Hamba, uSimakade uzokuba nawe.”
Funda 1 USamuweli 17
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 USamuweli 17:31-37
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo