1 USamuweli 13:16-23

1 USamuweli 13:16-23 ZUL20

USawule noJonathani, indodana yakhe, nabantu ababe naye bahlala eGebha kwaBhenjamini; amaFilisti akanisa eMikhimashi. Amabutho amaFilisti aphuma enkanjini ngezigaba ezintathu; esokuqala sahamba ngendlela eya e-Ofira eShuhali; esinye isigaba sahamba ngendlela eya eBhethi Horoni; esinye isigaba sahamba ngendlela eya emngceleni obheke esigodini eZebhoyimi ngasehlane. Wayengekho umkhandinsimbi kulo lonke izwe kwa-Israyeli, ngokuba amaFilisti athi: “Funa amaHebheru azakhele izinkemba nemikhonto.” Bonke abakwa-Israyeli behlela kuwo amaFilisti ukuze kube yilowo nalowo alole ummese wakhe, igejazembe, imbazo nesikela lakhe. Imali ababeyikhokhela ukulola igejazembe noma imfologo kwakuyizingxenye ezimbili kwezintathu zeshekeli, kuthi imbazo nezincijo zokuhlokoloza izinkomo kube yingxenye eyodwa kwezintathu zeshekeli. Kwathi ngosuku impi eyayibambene ngalo, akwaba bikho muntu kwabakwa-Israyeli ophethe inkemba noma umkhonto esandleni kulabo ababenoSawule noJonathani, ngaphandle kukaSawule noJonathani, indodana yakhe. Ibutho lamaFilisti laphuma, laya ngasentubeni eMikhimashi.