1 KaPhethro 1:22-25

1 KaPhethro 1:22-25 ZUL20

Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, ukuze uthando lwenu lobuzalwane lungabi nakuzenzisa; nithandane ngokuphelele, omunye nomunye, kuqubuka enhliziyweni emhlophe. Senizelwe kabusha nina, hhayi ngembewu ephelayo, kodwa ngengapheliyo, ngezwi eliphilileyo nelimiyo likaNkulunkulu, ngokuba: “Yonke inyama injengotshani, nobuhle bayo bonke bunjengembali yotshani. Utshani buyabuna, nembali ivuthuluke. Kepha izwi leNkosi limi kuze kube phakade.” Lelo yizwi levangeli elashunyayelwa kini.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 KaPhethro 1:22-25