1 KaPhethro 1:13-25

1 KaPhethro 1:13-25 ZUL20

Ngakho-ke hluzani izingqondo zenu, nime ngomumo, nizithibe, niwethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa mhla kwembulwa uJesu Khristu. Njengabantwana abalalelayo, ningahuhwa-ke yizinkanuko zakuqala ngenxa yokungazi kwenu. Kepha njengalokhu onibizileyo engcwele, yibani ngcwele nani kukho konke enikwenzayo, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Manibe ngcwele, ngokuba Mina ngingcwele.” Uma nimbiza ngokuthi uBaba Yena owehlulela lowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi, ngakho-ke hambani ngokwesaba ngesikhathi nisaphila. Nina niyazi ukuthi nahlengwa ezintweni ezingasho lutho zokhokho benu, hhayi ngezinto eziphelayo njengesiliva noma igolide, kodwa nahlengwa ngegazi likaKhristu elinqabileyo, kungathi elewundlu elingenacala nasici. Wakhethwa umhlaba ungakasekelwa, kodwa wabonakaliswa ngezikhathi zokugcina ngenxa yenu, okungaye nikholwa kuNkulunkulu, Yena owamvusa kwabafileyo, wamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu nethemba lenu kube kuNkulunkulu. Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, ukuze uthando lwenu lobuzalwane lungabi nakuzenzisa; nithandane ngokuphelele, omunye nomunye, kuqubuka enhliziyweni emhlophe. Senizelwe kabusha nina, hhayi ngembewu ephelayo, kodwa ngengapheliyo, ngezwi eliphilileyo nelimiyo likaNkulunkulu, ngokuba: “Yonke inyama injengotshani, nobuhle bayo bonke bunjengembali yotshani. Utshani buyabuna, nembali ivuthuluke. Kepha izwi leNkosi limi kuze kube phakade.” Lelo yizwi levangeli elashunyayelwa kini.