1 AMakhosi 3:5-9

1 AMakhosi 3:5-9 ZUL20

EseGibheyoni uSimakade wabonakala kuye ngephupho ebusuku, uNkulunkulu wathi kuye: “Cela lokho othanda ukuba ngikuphe khona.” USolomoni wathi: “Ukhombise umusa omkhulu encekwini yakho uDavide, ubaba, ngoba wahamba phambi kwakho ngokwethembeka, ngokulunga nangobuqotho benhliziyo kuwe, wamgcinela lowo musa omkhulu, wamnika indodana ukuba ihlale esihlalweni sakhe sobukhosi njengalokhu kwenzeka namuhla. “Manje-ke, Simakade Nkulunkulu wami, uyibekile inceku yakho ukuba ibe yinkosi esikhundleni sikababa uDavide, noma ngisengumntwana nje. Angikakwazi ukungena nokuphuma. Inceku yakho uyibeke phakathi kwesizwe sakho osikhethileyo, isizwe esikhulu esingenakubalwa, nobuningi baso obungenakuqondwa. Ngakho-ke yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo ukuze ikwazi ukubusa abantu bakho, ikwazi ukwehlukanisa phakathi kokuhle nokubi, ngokuba ngubani ongabusa lesi sizwe sakho esikhulu kangaka na?”