1 AMakhosi 16:8-20

1 AMakhosi 16:8-20 ZUL20

Ngonyaka wama-26 wokubusa kuka-Asa, inkosi yakwaJuda, u-Ela, indodana kaBhahasha, waba yinkosi kwa-Israyeli eThiriza; wabusa iminyaka emibili. UZimri, umkhuzi wengxenye yempi yezinqola zakhe, wamenzela ugobe. Ngesikhathi eseThiriza ezigcingca ngotshwala endlini ka-Ariza, owayengamele isigodlo sakhona, ngonyaka wama-27 wokubusa kuka-Asa, inkosi yakwaJuda, uZimri wafika, wamthela phansi ngenkemba, wambulala, kwaba nguye inkosi esikhundleni sakhe. Kwathi nje ukuba abe yinkosi, lapho ethatha isihlalo sobukhosi, wabulala bonke abendlu kaBhahasha. Akazange ashiye namunye owesilisa womndeni wakhe, noma isihlobo sakhe, noma umngani wakhe. UZimri wayishaya wayibhuqa yonke indlu kaBhahasha njengokwezwi uSimakade ayelikhulume kuBhahasha ngomlomo kaJehu umphrofethi, ngenxa yezono zonke zikaBhahasha nezendodana yakhe, u-Ela, ababezenza abonisa ngazo u-Israyeli, bachukuluza uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngezithombe zabo ezibaziweyo. Ezinye izindaba zika-Ela, nakho konke akwenzayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla zamakhosi akwa-Israyeli na? Ngonyaka wama-27 wokubusa kuka-Asa, inkosi yakwaJuda, uZimri wabusa izinsuku eziyisikhombisa eThiriza, abantu bakanisa ngaseGibhethoni lamaFilisti. Abantu ababekanise lapho bezwa kuthiwa: “UZimri wakhe itulo, wabulala inkosi,” ngakho-ke wonke u-Israyeli wabeka u-Omri, umkhuzi wempi, ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli ngalolo lusuku, enkanjini. U-Omri nawo wonke u-Israyeli bakhuphuka eGibhethoni, balivimbezela iThiriza. Kwathi ukuba uZimri abone ukuthi umuzi usudliwe, wayesengena enqabeni yesigodlo senkosi, wasithungela ngomlilo isigodlo senkosi engaphakathi, wafela lapho, ngenxa yezono zakhe ayone ngazo ngokwenza okubi phambi kukaSimakade, nangokuhamba endleleni kaJerobhowamu nasesonweni sakhe ayesenzile sokonisa u-Israyeli. Ezinye izindaba zikaZimri nogobe alwenzayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla zamakhosi akwa-Israyeli na?