1 KaJohane 4:7-16

1 KaJohane 4:7-16 ZUL20

Bathandekayo, kumele sithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu; bonke abanothando bazelwe nguNkulunkulu, futhi bayamazi uNkulunkulu. Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando. Uthando lukaNkulunkulu walubonakalisa kithi ngokuthi athumele ezweni iNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba siphile ngayo. Uthando lukulokhu: akusikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu, kodwa Yena wasithanda thina, wathumela iNdodana yakhe ibe yinhlawulo ngezono zethu. Bathandekayo, uma uNkulunkulu asithanda kanjalo, nathi simelwe ukuthandana. Akekho umuntu osewake wabona uNkulunkulu. Uma sithandana, uNkulunkulu uhlala kithi, nothando lwakhe luphelele kithi. Ngenxa yokuba esiphe okoMoya wakhe, ngalokho siyazi ukuthi sihlala kuye, naye kithi. Thina sibonile, futhi siyafakaza ukuthi uYise wayithuma iNdodana ukuba ibe nguMsindisi wezwe. Lowo ovuma ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, uNkulunkulu uhlala kuye, naye kuNkulunkulu. Thina siyalwazi, futhi siyakholwa yilolu thando uNkulunkulu analo ngathi. UNkulunkulu uluthando nalowo ohlala othandweni uhlala kuNkulunkulu, noNkulunkulu uhlala kuye.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 KaJohane 4:7-16