1 KaJohane 1:1-3

1 KaJohane 1:1-3 ZUL20

Lokho okwakukhona kwasekuqaleni, esakuzwa, sakubona ngamehlo ethu, sakubheka, sakuphatha ngezandla zethu, okwezwi lokuphila. Lokho kuphila kwabonakaliswa, sakubona, sifakaza ngakho, futhi sinishumayeza ngalokho kuphila okuphakade okwakukhona kuYise, kwabonakaliswa kithi. Lokho esikubonileyo, sakuzwa, sinishumayeza khona nani, ukuba nibe nenhlanganyelo nathi. Kepha thina sinenhlanganyelo noYise naneNdodana yakhe, uJesu Khristu.