1 KwabaseKhorinte 5

5
Ukudlanga Kobufebe KwabaseKhorinte
1 Impela kubikwa ukuthi kudlange ubufebe phakathi kwenu, futhi lobu obungekho ngisho nakwabezizwe: njengokuba kubikwa ukuthi omunye wenu ulala nomkayise. 2Kodwa nina nilibele wukuzigabisa kunokuba nilile, ukuze asuswe kini lowo owenze leso sono. 3 Ngokuba mina, nakuba ngingekho phakathi kwenu ngokomzimba, kodwa ngikhona ngokomoya, futhi sengimahlulele lowo muntu okwenzileyo lokho, sengathi nami ngikhona lapho. 4 Ekuhlanganeni kwenu egameni leNkosi uJesu, nami nginani ngomoya nangamandla eNkosi yethu uJesu, 5 ukuba lowo muntu anikelwe kuSathane, kubhujiswe umzimba, ukuze kusindiswe umoya wakhe ngosuku lweNkosi uJesu.
6 Ukuzigabisa kwenu akukuhle neze. Kanti anazi yini ukuthi imvubelo encane iyikhukhumalisa yonke inhlama na? 7 Khiphani imvubelo endala ukuze nibe yinhlama entsha, njengokuba ningenamvubelo. Ngokuba nelethu iPhasika elinguKhristu lihlatshiwe. 8 Ngakho-ke asiwugubhe umkhosi, hhayi ngemvubelo endala yokonakala nobubi, kodwa ngesinkwa esingenamvubelo sobumsulwa neqiniso.
9 Encwadini yami nganibhalela ukuthi ningahlangani nezifebe. 10Angisho nje izifebe zakuleli lizwe, noma abahahayo, noma abaphangi, noma abakhonza izithombe; ngokuba uma kunjalo kungamele niphume ezweni. 11 Kepha manje-ke nginibhalela ukuba ningazibandakayi nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, kodwa ebe eyisifebe, noma ohahayo, noma okhonza izithombe, noma othuka inhlamba, noma eyisidakwa, noma engumphangi; ningalokothi nidle nomuntu onjalo.
12Kambe nginandabani nokwehlulela abangaphandle na? Akusibo yini abangaphakathi okumele nibehlulele na? 13 Kepha uNkulunkulu uyakubahlulela abangaphandle. Mxosheni-ke lo omubi phakathi kwenu.

Okuqokiwe okwamanje:

1 KwabaseKhorinte 5: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume