1 KwabaseKhorinte 3:5-11

1 KwabaseKhorinte 3:5-11 ZUL20

Pho ubeyini nje u-Apholo na? Ubeyini nje uPawula na? Bayizikhonzi enakholwa ngazo, kuyilowo nalowo njengalokhu iNkosi imphile. Mina ngafike ngatshala, u-Apholo wanisela, kodwa uNkulunkulu wakhulisa. Noma kunjalo otshalayo noniselayo kabalutho, kodwa okunguYena kuphela uNkulunkulu okhulisayo. Otshalayo noniselayo bayalingana, yilowo nalowo uyakwemukeliswa owakhe umvuzo ngangokomsebenzi wakhe. Ngokuba thina siyizisebenzi nje zikaNkulunkulu ezibambisene naye, nina niyinsimu yakhe, niyisakhiwo sikaNkulunkulu. Ngokomusa kaNkulunkulu engiphiwe wona, njengengcweti yomakhi, ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kepha makube yilowo nalowo aqaphelisise ukuthi wakha kanjani phezu kwaso. Ngokuba akekho ongabeka esinye isisekelo, ngaphandle kwaleso esibekiweyo, esinguJesu Khristu.