Kunjalo nokuvuka kwabafileyo. Kuhlwanyelwa kunokubola, kuvuswa kungenakubola; kuhlwanyelwa kunokudelwa, kuvuswa kunenkazimulo; kuhlwanyelwa kunobuthakathaka, kuvuswa kunamandla. Kuhlwanyelwa kungumzimba wemvelo, kuvuswa kungumzimba womoya. Uma ukhona umzimba wemvelo, ukhona nowomoya. Kulotshiwe futhi ukuthi umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumuntu ophilayo. U-Adamu wokugcina waba ngumoya ophilisayo. Kepha akusikho okomoya kuqala, kodwa okwemvelo, bese kuba ngokomoya. Umuntu wokuqala wavela emhlabeni, enziwe ngomhlabathi; umuntu wesibili uvela ezulwini. Njengokuba enjalo umuntu ongowenhlabathi, banjalo nabangabenhlabathi; njengokuba enjalo umuntu wasezulwini, banjalo nabangabasezulwini. Njengalokhu futhi sinesimo songowenhlabathi, siyakuba futhi nesimo songawasezulwini.
Funda 1 KwabaseKhorinte 15
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 KwabaseKhorinte 15:42-49
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo