Kepha-ke uma kushunyayelwa ukuthi uKhristu uvusiwe kwabafileyo, bakusho kanjani pho abanye phakathi kwenu ukuthi akukho ukuvuka kwabafileyo na? Uma kungekho ukuvuka kwabafileyo, noKhristu akavuswanga. Uma uKhristu engavuswanga kwabafileyo, ukushumayela kwethu kuyize, nokukholwa kwenu kuyize. Yebo, sifunyanwa singofakazi bamanga ngoNkulunkulu, ngokuba sifakaze ngoNkulunkulu ukuthi wamvusa uKhristu, angamvusanga uma kanti abafileyo bengavuswa. Ngokuba uma abafileyo bengavuswa, akavuswanga noKhristu. Kepha uma uKhristu engavuswanga, ukukholwa kwenu akusizi lutho, nisesezonweni zenu. Yebo, nalabo asebalala bekuKhristu babhubhile. Uma sithembela kuKhristu kulokhu kuphila kuphela, singabokudatshukelwa kunabantu bonke. Kodwa manje uKhristu uvusiwe kwabafileyo, uwulibo lwabaleleyo. Ngokuba lokhu, ukufa kweza ngomuntu, nokuvuka kwabafileyo nakho kweza ngomuntu. Njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa, kanjalo-ke nakuKhristu bonke bayaphiliswa. Kepha yilowo nalowo ngokwesigaba sakhe: uKhristu kuqala, bese kuba ngabakaKhristu ekubuyeni kwakhe, andukuba kufike umhla wokuphela, lapho ebuyisela umbuso kuNkulunkulu uYise, esechithile bonke ababusi, bonke abasemagunyeni, nabanamandla. Ngokuba Yena umelwe ukuba abuse, aze azibeke phansi kwezinyawo zakhe zonke izitha zakhe. Isitha sokugcina esiyakubhujiswa ngukufa.
Funda 1 KwabaseKhorinte 15
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 KwabaseKhorinte 15:12-26
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo