1 KwabaseKhorinte 15:1-8

1 KwabaseKhorinte 15:1-8 ZUL20

Bazalwane, ngiyanazisa ukuthi ivangeli enganishumayeza lona nalamukela, futhi enimi kulo, enisindiswa ngalo uma nibambelela ezwini enganishumayeza lona, ngaphandle kokuba ukukholwa kwenu kwaba yize. Ngokuba nganinika lokho okubalulekileyo kakhulu engakwamukela nami ukuthi uKhristu wafa ngenxa yezono zethu, njengokwemibhalo, nokuthi wambelwa, wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo, nokuthi wabonwa nguKhefase, wayesebonwa ngabayishumi nambili. Emveni kwalokho, wabonwa ngabazalwane abangaphezu kwama-500 ngasikhathi sinye, iningi labo elisaphila namanje, kodwa abanye sebalala. Emveni kwalokho, wabonwa nguJakobe, wayesebonwa ngabaphostoli bonke; ekugcineni kwabo bonke, wabonwa nayimi enginjengozalwe kungakabi yisikhathi.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 KwabaseKhorinte 15:1-8