1 KwabaseKhorinte 13:11-12

1 KwabaseKhorinte 13:11-12 ZUL20

Lapho ngisenguntwana, ngakhulumisa okomntwana, ngacabangisa okomntwana, futhi ngazindlisa okomntwana. Kepha lapho sengiyindoda, ngakuyeka ukwenza okobuntwana. Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi, kepha lapho sobukana ubuso nobuso, ngokuba manje ngazi ingxenye, kepha lapho ngiyokwaziwa ngokupheleleyo, njengokuba bengaziwa ngokupheleleyo.