1 KwabaseKhorinte 12:4-14

1 KwabaseKhorinte 12:4-14 ZUL20

Kukhona iziphiwo ezahlukeneyo, kodwa zivela kuMoya munye. Kukhona imisebenzi eyehlukene yokukhonza, kodwa ivela kuyo leyo Nkosi. Kukhona imisebenzi eminingi eyehlukahlukene, kodwa uNkulunkulu munye osebenza kukho konke, nakubo bonke. Kepha yilowo nalowo uphiwa okokubonakalisa uMoya ukuba basizakale abanye. Ngokuba omunye uphiwa ngoMoya izwi lokuhlakanipha, omunye izwi lokwazi ngaye lowo Moya. Omunye uphiwa ukukholwa nguye lowo Moya, omunye aphiwe iziphiwo zokuphulukisa nguye lowo Moya munye; omunye uphiwa ukwenza imisebenzi yamandla, omunye ukuphrofetha, omunye ukwehlukanisa omoya, omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi, omunye ukuhumusha izilimi. Konke lokho kwenziwa nguye lowo Moya munye, owabela lowo nalowo ngokuthanda kwakhe. Njengokuba umzimba umunye, kodwa unezitho eziningi, nakuba izitho zonke zomzimba ziziningi, kepha zingumzimba munye, unjalo-ke noKhristu. Ngokuba thina sonke sabhabhadiswa ngaMoya munye, ukuba sibe mzimba munye, noma ngabe singabaJuda noma singamaGriki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; sonke saphuziswa Moya munye. Ngokuba umzimba awusiso isitho esisodwa, kodwa eziningi.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 KwabaseKhorinte 12:4-14