1 KwabaseKhorinte 12:12-26

1 KwabaseKhorinte 12:12-26 ZUL20

Njengokuba umzimba umunye, kodwa unezitho eziningi, nakuba izitho zonke zomzimba ziziningi, kepha zingumzimba munye, unjalo-ke noKhristu. Ngokuba thina sonke sabhabhadiswa ngaMoya munye, ukuba sibe mzimba munye, noma ngabe singabaJuda noma singamaGriki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; sonke saphuziswa Moya munye. Ngokuba umzimba awusiso isitho esisodwa, kodwa eziningi. Uma unyawo lungathi: “Ngenxa yokuba angisiso isandla, angisikho okomzimba,” nokho aluyeki ukuba yisitho somzimba. Uma indlebe ithi: “Ngenxa yokuba angisilo iso, angiyiso isitho somzimba,” ayinakuyeka ngalokho ukuba yisitho somzimba. Uma wonke umzimba ubuyiso, ukuzwa ngabe kukuphi na? Uma wawungukuzwa, ngabe ukunuka kukuphi na? Kepha manje uNkulunkulu umisile izitho, yileso naleso emzimbeni ngokuthanda kwakhe. Uma zonke zaziyisitho esisodwa, ngabe uphi umzimba na? Nakuba izitho ziziningi, kodwa munye umzimba. Iso alinakusho esandleni ukuthi: “Angikudingi;” nekhanda alinakusho ezinyaweni ukuthi: “Anginidingi.” Kepha kunalokho, lezo zitho zomzimba okungathi zibuthakathaka kunezinye, ziyadingeka; nalezo esicabanga ukuthi zedelelekile ukuba zibe ngezomzimba, yizona ezembathiswe ngodumo olukhulu; nalezo esinamahloni ngazo, yizona esizinakekela kakhulu. Kanti lezo ezibukeka zizinhle, azikudingi lokho. Kepha uNkulunkulu uwuhlanganisile umzimba, kwathi lezo ezidelelekile wazinika udumo olukhulu kakhulu, ukuze kungabi bikho ukwehlukana emzimbeni, kodwa izitho zonke zinakekelane ngokufanayo. Uma kuhlupheka isitho esisodwa, zonke izitho zihlupheka kanye naso. Uma kuhlonishwa esisodwa, zonke zijabula kanye naso.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 KwabaseKhorinte 12:12-26