1 kwabaseKorinte 12:12-26

1 kwabaseKorinte 12:12-26 ZUL59

Ngokuba njengomzimba umunye, kepha unezitho eziningi, nezitho zonke zomzimba, nokuba ziziningi, zingumzimba munye, unjalo-ke noKristu. Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; thina sonke saphuziswa Moya munye. Ngokuba umzimba awusiso isitho sinye kodwa eziningi. Uma unyawo luthi: “Lokhu ngingesiso isandla, angisikho okomzimba,” nokho luyikho okomzimba. Noma indlebe ithi: “Lokhu ngingesilo iso, angisikho okomzimba,” nokho iyikho okomzimba. Uma umzimba wonke ubuyiso, ukuzwa ngabe kuphi na? Uma wonke ubungukuzwa, ukunuka ngabe kuphi na? Kepha kalokhu uNkulunkulu umisile izitho zonke, yileso naleso emzimbeni ngokuthanda kwakhe. Uma kambe zonke ziyisitho sinye, umzimba ngabe uphi na? Kepha kalokhu izitho ziningi, kodwa umzimba munye. Iso alinakusho esandleni ukuthi: “Angikudingi;” nekhanda futhi alinakusho ezinyaweni ukuthi: “Anginidingi.” Kanti ngempela lezo zitho zomzimba ezingathi zibuthakathaka kunezinye ziyadingeka; nalezo zitho zomzimba ezingathi zidelelekile kunezinye, yizona esizazisa kakhulu; nalezo esinamahloni ngazo zihlonipheka kakhulu. Kanti lezo ezinesimo esihle azikudingi lokho. Kepha uNkulunkulu wawuhlanganisa umzimba, enika esidelelekileyo udumo olukhulu kakhulu, ukuze kungabikho ukwahlukana emzimbeni, kepha izitho zonke zinakekelane ngokufanayo. Uma kuhlupheka isitho sinye, kuhlupheka izitho zonke kanye naso; uma kudunyiswa isitho sinye, kujabula izitho zonke kanye naso.