1 KwabaseKhorinte 11:23-25

1 KwabaseKhorinte 11:23-25 ZUL20

Ngokuba ngakwamukela eNkosini lokho engakwedlulisela kini, ukuthi: iNkosi uJesu, ngobusuku eyakhashelwa ngabo yathabatha isinkwa, yabonga, yasihlephula, yathi: “Lokhu kungumzimba wami ohleshulelwe nina; kwenzeni lokhu ukuba ningikhumbule.” Kanjalo, yathabatha nendebe emuva kokudla kwakusihlwa, yathi: “Le ndebe iyisivumelwano esisha egazini lami; kwenzeni lokhu ngezikhathi zonke eniphuza ngazo, ukuba ningikhumbule.”