1 IZikhronike 28

28
Inkulumo KaDavide Ngendlu KaSimakade
1 UDavide wayeseqoqa zonke izikhulu zakwa-Israyeli, abaholi bezizwana, izinduna zezigaba ezazikhonza inkosi, abakhuzi bempi bezinkulungwane nabezamakhulu, izinduna zayo yonke imfuyo yenkosi neyamadodana ayo, izinduna zasendlunkulu, amaqhawe, nawo wonke amadoda anamandla eJerusalema.
2 UDavide, inkosi, wasukuma wama ngezinyawo, wathi: “Ngilaleleni bafowethu, nani bantu bami: bekusenhliziyweni yami ukuba ngakhele umphongolo wesivumelwano sikaSimakade indlu yokuphumula, neyisenabelo sezinyawo zikaNkulunkulu wethu; ngiwenzile amalungiselelo okuba ngakhe. 3 Kepha uNkulunkulu wathi kimi: ‘Awuyukulakhela igama lami indlu, ngokuba wena uyindoda yempi, uchithe igazi.’
4 “Nakuba kunjalo, uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli wangiqoka endlini yonke kababa ukuba ngibe yinkosi kwa-Israyeli kuze kube phakade. Ngokuba ukhethe uJuda ukuba abe ngumbusi, endlini kaJuda, indlu kababa, emadodaneni kababa, wangithanda mina ukuba angibeke ngibe yinkosi yawo wonke u-Israyeli. 5 Emadodaneni ami wonke, ngokuba uSimakade ungiphile amadodana amaningi, ukhethe uSolomoni, indodana yami, ukuba ahlale esihlalweni sobukhosi sombuso kaSimakade kwa-Israyeli. 6 Wathi kimi: ‘USolomoni, indodana yakho, nguye oyakwakha indlu yami namagceke ami, ngokuba ngimkhethile ukuba abe yindodana yami, mina ngibe nguyise. 7 Ngiyakuwumisa umbuso wakhe kuze kube phakade, uma eqinisela ukugcina imiyalo yami nezahlulelo zami njenganamuhla.’
8“Ngakho-ke phambi kwabo bonke abakwa-Israyeli, ibandla likaSimakade, nasezindlebeni zikaNkulunkulu wethu, bonani nifune yonke imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wenu ukuze nilidle leli lizwe elihle, nize nilishiye, libe yifa labantwana benu ingunaphakade.
9 “Wena Solomoni, ndodana yami, mazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangomphefumulo ovumayo, ngokuba uSimakade uhlola zonke izinhliziyo, uqonda zonke izizindlo zemicabango. Uma umfuna, uyakufunyanwa nguye, kodwa uma umshiya uyakukulahla kuze kube phakade. 10 Bheka manje, qina ukwenze lokhu, ngokuba uSimakade ukukhethile ukuba wakhe indlu, ibe yindlu engcwele.”
11 UDavide wanika uSolomoni umfanekiso wompheme, izindlu zethempeli, ingcebo yalo, amakamelo alo aphezulu nangaphakathi kwayo, indlu yesihlalo somusa, 12 umfanekiso wakho konke ayenakho emicabangweni yakhe ngamagceke endlu kaSimakade, amakamelo nxazonke, ingcebo yendlu kaNkulunkulu, nengcebo yezinto ezingcwele, 13 izigaba zabaphristi nezabaLevi, wonke umsebenzi wokukhonza endlini kaSimakade, zonke izitsha zenkonzo endlini kaSimakade, 14igolide, ngokwesilinganiso segolide sezinto zegolide zezinkonzo ngezinkonzo, izinto zonke zesiliva isisindo sazo, nazo zonke izinto zezinkonzo ngezinkonzo. 15 Isisindo sezinti zezibani zegolide nezibani zazo zegolide, isisindo salolo nalolo luthi lwesibani nezibani zalo, izinti zesiliva, isisindo sothi nezibani zalo njengomsebenzi walolo nalolo luthi. 16Isisindo segolide lamatafula ezinkwa zokubukwa, amatafula ngamatafula, isiliva lamatafula esiliva. 17Izingwegwe zenyama, izinkamba, izitsha zegolide elicwengekileyo, zonke izindebe zegolide, isisindo saleso naleso sitsha. 18 I-althare lempepho lingelegolide elicwengekileyo isisindo salo, umfanekiso wenqola, amakherubhi egolide ayelule amaphiko awo, asibekela umphongolo wesivumelwano sikaSimakade.
19 UDavide washo wathi: “Konke lokho ngikubhalile ngiqondiswa nguSimakade, yebo, wonke umsebenzi walo mfanekiso.”
20 UDavide wayesethi kuSolomoni, indodana yakhe: “Qina, ume isibindi, wenze lokhu. Ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uSimakade uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu wami, unawe. Akayukukuyeka, akayukukushiya, uze uphele wonke umsebenzi wokwakha le ndlu kaSimakade. 21 Bheka, nazi izigaba zabaphristi nabaLevi zazo zonke izinkonzo zendlu kaNkulunkulu. Emsebenzini wonke uyothola abantu abazinikele ngenhliziyo nabayizingcweti emisebenzini yonke. Izikhulu nabantu bonke bayakukulalela konke okushoyo.”

Okuqokiwe okwamanje:

1 IZikhronike 28: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo