KuThithu 2:3-5

KuThithu 2:3-5 ZUL59

kanjalo nabesifazane abadala baziphathe ngokufanele abangcwele, bangabi ngabahlebi, bangabi yizigqila zewayini eliningi, babe ngabafundisi bokuhle, ukuze bafundise abesifazane abasha ukuthanda amadoda abo, bathande nabantwana babo; babe ngabaqondileyo, abamhlophe, abaphatha kahle amakhaya, abamnene, abathobela amadoda abo ukuba izwi likaNkulunkulu lingahlanjalazwa.