Badazuluka, baphinda bakhala; u-Orpa wamanga uninazala, kepha uRuthe wanamathela kuye. Wathi: “Bheka, umnakwenu usebuyele kwabakubo nakunkulunkulu wakhe; buya nawe, umlandele umnakwenu.” Kepha uRuthe wathi: “Ungangincengi ukuba ngikushiye, ngibuye, ngingakulandeli, ngokuba lapho uya khona, ngiyakuya khona nami, nalapho uhlala khona, ngiyakuhlala khona nami; abantu bakho bayakuba ngabantu bami, uNkulunkulu wakho abe nguNkulunkulu wami. Lapho ufela khona, ngiyakufela khona nami, ngimbelwe khona; uJehova akenze njalo kimi, enezele futhi, ngokuba ngukufa kuphela okuyakusahlukanisa.” Esebonile ukuthi uzimisele ukuhamba naye, wayeka ukukhuluma kuye.
Funda URuthe 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: URuthe 1:14-18
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo