KwabaseRoma 8:6-8

KwabaseRoma 8:6-8 ZUL59

Ngokuba ukunaka kwenyama kungukufa, kepha ukunaka kukaMoya kungukuphila nokuthula. Ngokuba ukunaka kwenyama kungubutha kuNkulunkulu; ngokuba akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, yebo, futhi kungekwenze; abasenyameni abanakumthokozisa uNkulunkulu.