KwabaseRoma 8:18-23

KwabaseRoma 8:18-23 ZUL59

Ngokuba ngithi izinhlupheko zesikhathi samanje azinakulinganiswa nenkazimulo eyakwambulwa kithina. Ngokuba ukulangazela kokudaliweyo kulindele ukwambulwa kwabantwana bakaNkulunkulu. Ngokuba okudaliweyo kwabekwa phansi kobuze, kungengentando yakho kodwa ngaye owakubekayo, ethembeni lokuthi nakho okudaliweyo kuyakukhululwa ebugqileni bokubhubha, kube ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu. Ngokuba siyazi ukuthi konke okudaliweyo kuyabubula kanyekanye kunezinseka kuze kube manje; akusikho lokho kuphela, kepha nathi uqobo lwethu esinolibo lukaMoya siyabubula phakathi kwethu, silindele isimo sobuntwana, ukukhululwa komzimba wethu.