KwabaseRoma 8:1-4

KwabaseRoma 8:1-4 ZUL59

Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu. Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila okuKristu Jesu ungikhululile emthethweni wesono nowokufa. Ngokuba lokho okwehlula umthetho, ngokuba ungenamandla ngenxa yenyama, wakwenza uNkulunkulu ngokuthuma iNdodana yakhe ifana nenyama yesono, nangenxa yesono walahla isono enyameni, ukuze umyalo womthetho ugcwaliseke kithina esingahambi ngokwenyama kepha ngokukaMoya.