KwabaseRoma 5:5-12

KwabaseRoma 5:5-12 ZUL59

ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo. Ngokuba sisebuthakathaka, uKristu wafela abangamesabi uNkulunkulu ngesikhathi esifaneleyo; ngokuba cishe kungenzeki ukuba umuntu afele olungileyo, kodwa mhlawumbe kungase kube khona ongaba nesibindi sokufela omuhle; kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela. Ngakho kakhulu sesilungisisiwe ngegazi lakhe, siyakusindiswa ngaye olakeni. Ngokuba uma sathola ukubuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe sise yizitha, ikakhulu siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesitholile ukubuyisana; kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga futhi ngoNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, esesamukelisiwe ngaye ukubuyisana. Ngakho-ke njengalokho isono sangena ezweni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile