KwabaseRoma 5:15-21

KwabaseRoma 5:15-21 ZUL59

Kepha isipho somusa asinjengesiphambeko; ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye abaningi bafa, ikakhulu kwavama kwabaningi umusa nesipho sikaNkulunkulu ngomusa wamuntu munye, uJesu Kristu. Isipho asinjengokona kwalowo emunye, ngokuba uma ukwahlulela kwaba ngoyedwa kube ngukulahlwa, isipho somusa sona-ke saba ngeziphambeko eziningi kube ngukulungisiswa. Ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye ukufa kwabusa ngalowo emunye, ikakhulu abamukela ukuvama komusa nokuvama kwesipho sokulunga bayakubusa ekuphileni ngalowo emunye, uJesu Kristu. Ngalokho-ke njengokuba ngasiphambeko sinye kwaba khona ukulahlwa kubantu bonke, kanjalo ngasenzo sinye sokulunga kwaba khona ukulungisiswa kukho ukuphila kubantu bonke; ngokuba njengalokho ngokungalaleli kwamuntu munye abaningi benziwa izoni, kanjalo ngokulalela kwamuntu munye abaningi bayakwenziwa abalungileyo. Kepha umthetho wangena ukuba isiphambeko sande; kodwa lapho kwavama khona isono, umusa wavama kakhulukazi, ukuze njengalokho isono sabusa ngokufa, nomusa ubuse kanjalo ngokulunga, kube ngukuphila okuphakade ngoJesu Kristu iNkosi yethu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseRoma 5:15-21