KwabaseRoma 3:10-26

KwabaseRoma 3:10-26 ZUL59

njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Akakho olungileyo, akakho noyedwa; akakho oqondayo, akakho ofuna uNkulunkulu; bonke baphambukile, baphenduke imbuqa bonkana; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa. Umphimbo wabo uyiliba elivulekileyo, ngezilimi zabo bayakhohlisa, isihlungu sezinyoka siphansi kwezindebe zabo; umlomo wabo ugcwele ukuthuka nokubaba; izinyawo zabo zishesha ukuchitha igazi, incithakalo nosizi kusezindleleni zabo, indlela yokuthula abayazi. Ukwesaba uNkulunkulu akukho phambi kwamehlo abo.” Kepha siyazi ukuthi lokhu okushoyo umthetho ukukhuluma kubo abasemthethweni ukuba yonke imilomo ivinjwe, izwe lonke libe necala kuNkulunkulu, ngokuba ngemisebenzi yomthetho akukho nyama eyakulungisiswa phambi kwakhe; ngokuba ngomthetho kukhona ukwazi isono. Kepha manje kubonakalisiwe ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngaphandle komthetho, kufakazelwa ngumthetho nabaprofethi, ngisho ukulunga kukaNkulunkulu ngokukholwa nguJesu Kristu kubo bonke abakholwayo; ngokuba akukho mahluko; ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu; balungisisiwe ngesihle ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKristu Jesu, ammisileyo uNkulunkulu abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, kubonakaliswe ukulunga kwakhe ngokuyekelwa kwezono ezenziwe ngaphambili ekubekezeleni kukaNkulunkulu, ukuba kubonakaliswe ukulunga kwakhe esikhathini samanje, ukuze yena abe ngolungileyo, abe ngumlungisisi walowo okholwa nguJesu.