KwabaseRoma 2:1-16

KwabaseRoma 2:1-16 ZUL59

Ngakho awunakuzilandulela wena muntu, noma ungubani owahlulelayo, ngokuba ngalokho owahlulela ngakho omunye uyazilahla wena, ngokuba wena owahlulelayo uyakwenza khona lokho nawe. Siyazi ukuthi ukwahlulela kukaNkulunkulu ngokweqiniso kubehlela abenza okunjalo. Ucabanga lokho yini wena muntu owahlulela abenza okunjalo, ubukwenza nawe, ukuthi uyakubalekela ukwahlulela kukaNkulunkulu na? Kumbe uyayidelela yini ingcebo yobumnene, neyokubekezela, neyenyewe yakhe, ungazi ukuthi ubumnene bukaNkulunkulu bukuyisa ekuphendukeni na? Kepha ngobulukhuni bakho nangenhliziyo engaphendukiyo uzibekelela ulaka ngosuku lolaka nolokwambulwa kokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu oyakuvuza yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe: labo abafuna ngokukhuthazela ekwenzeni okuhle inkazimulo nodumo nokungabhubhi bothola ukuphila okuphakade; kepha labo abanombango bengalaleli iqiniso, belalela ukungalungi, bothola ulaka nentukuthelo. Usizi nokubandezeka kuyakwehlela imiphefumulo yabantu bonke abenza okubi, umJuda kuqala, nomGreki futhi; kepha inkazimulo nodumo nokuthula kubo bonke abenza okuhle, kumJuda kuqala, nakumGreki futhi. Ngokuba akukho ukukhetha umuntu kuNkulunkulu. Ngokuba bonke abonileyo bengenamthetho bayakubhubha bengenamthetho; kepha bonke abonileyo benomthetho bayakwahlulelwa ngomthetho; ngokuba akusibo abezwayo umthetho abangabalungile phambi kukaNkulunkulu, kepha abenzayo umthetho yibona abayakulungisiswa. Ngokuba nxa abezizwe abangenawo umthetho ngokwemvelo benza okomthetho, laba, bengenawo umthetho, bangumthetho wabo ngokwabo, babonakalisa ukuthi umsebenzi womthetho ulotshiwe ezinhliziyweni zabo, nonembeza wabo uyafakaza naye, imicabango yabo imangalelana noma ivunana, ngosuku uNkulunkulu ayakwahlulela ngalo okufihliweyo kwabantu ngokwevangeli lami ngoKristu Jesu.