KwabaseRoma 10:12-17

KwabaseRoma 10:12-17 ZUL59

Ngokuba akukho mahluko phakathi komJuda nomGreki, lokhu yena uyiNkosi yabo bonke, ubacebele bonke abakhuleka kuye, ngokuba “bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.” Kepha bayakukhuleka kanjani kuye abangakholwanga nguye na? Bayakukholwa kanjani abangezwanga ngaye na? Bayakuzwa kanjani, kungekho oshumayelayo na? Bayakushumayela kanjani, uma bengathunywa na? Njengokulotshiweyo ukuthi: “Yeka, zinhle izinyawo zabashumayela izindaba ezinhle.” Kodwa abalilalelanga bonke ivangeli. Ngokuba u-Isaya uthi: “Nkosi, ngubani owakholwa ngesikuzwileyo na?” Ngalokho-ke ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaKristu.