Ahlabelela igama elisha, athi:
“Ufanele wena ukuyithabatha incwadi
nokuvula izimpawu zayo,
ngokuba wahlatshwa,
wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho
abavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe,
wabenza babe ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu wethu,
babuse emhlabeni.”
Ngase ngibona, ngezwa izwi lezingelosi eziningi zihaqe isihlalo sobukhosi, nezidalwa, namalunga, nomumo wazo wawuyizigidi zezigidi nezinkulungwane zezinkulungwane, zithi ngezwi elikhulu:
“Lifanele iWundlu elahlatshwayo ukwamukela amandla nengcebo,
nokuhlakanipha, nokunqoba, nodumo,
nenkazimulo, nesibusiso.”
Nakho konke okudaliweyo okusezulwini, nokusemhlabeni, naphansi komhlaba, naselwandle, nakho konke okukukho, ngakuzwa kuthi:
“Kuyena ohlezi esihlalweni sobukhosi nakulo iWundlu makube yisibusiso,
nodumo, nenkazimulo, namandla kuze kube phakade naphakade.”
Nezidalwa ezine zathi: “Amen,” namalunga awa phansi, akhuleka.