IsAmbulo 3:7-13

IsAmbulo 3:7-13 ZUL59

“Nakuyo ingelosi yebandla laseFiladelfiya loba ukuthi: “Nakhu akushoyo ongcwele, oqinisileyo, onesihluthulelo sikaDavide, ovula kungavali muntu, novalayo kungavuli muntu, uthi: Ngiyayazi imisebenzi yakho; bheka, ngimisile phambi kwakho umnyango ovuliweyo, ongenakuvalwa muntu, ngokuba unamandla amancane, kanti waligcina izwi lami, kawuliphikanga igama lami. Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni* likaSathane abazishaya abaJuda bengesibo, kepha beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile. Ngokuba ulilondile izwi lokubekezela kwami, nami-ke ngiyakukulonda ngehora lokulingwa eliyakufika ezweni lonke lokulinga bonke abakhileyo emhlabeni. “Ngiyeza masinyane; bambisisa lokho onakho, ukuze kungabikho muntu okwamuka umqhele wakho. Onqobayo ngiyakumenza abe yinsika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasoze aphuma khona; ngiyakuloba negama likaNkulunkulu wami phezu akhe, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, iJerusalema elisha elehla ezulwini kuNkulunkulu wami, negama lami elisha. Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.