IsAmbulo 11:4-5

IsAmbulo 11:4-5 ZUL59

Labo bayiminqumo emibili nezinti zezibani ezimbili ezimi phambi kweNkosi yomhlaba. Uma kukhona ofuna ukona laba, kuphuma umlilo emlonyeni wabo, udle izitha zabo, uziqede; yebo, uma kukhona ofuna ukona laba, kumelwe ukuba abulawe kanjalo.