IsAmbulo 1:12-18

IsAmbulo 1:12-18 ZUL59

Ngaphenduka ukuba ngibone izwi ebelikhuluma nami; kuthe ngiphenduka, ngabona izinti zezibani eziyisikhombisa zegolide, nofana nendodana yomuntu ephakathi kwezinti zezibani, embethe ingubo ekhawula ezinyaweni, ezibophe ngebhande* legolide ezibeleni; futhi ikhanda lakhe nezinwele zakhe kumhlophe njengoboya bezimvu, njengeqhwa, namehlo akhe enjengamalangabi omlilo, nezinyawo zakhe zifana nethusi elikhazimulayo sengathi zazishiswe esithandweni, nezwi lakhe linjengenhlokomo yamanzi amaningi; futhi wayephethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, nasemlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, nobuso bakhe bunjengelanga likhanya ngamandla alo. Ngathi ukumbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo; wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi: “Ungesabi; mina ngingowokuqala nowokugcina, nophilayo; ngangifile, bheka, sengingophilayo kuze kube phakade naphakade, futhi nginezihluthulelo zokufa nezeHayidese*.